SUNCASA
I-Scaling Urban Nature-based Solutions (NbS) for Climate Adaptation in Sub-Saharan Africa (SUNCASA) iyiprojekthi yeminyaka emithathu ehlose ukuthuthukisa ukunika amandla okumelana nokuguquka kwesimo sezulu, ukulingana ngokobulili, ukubandakanya imiphakathi, kanye nokuvikelwa kwezinhlobonhlobo zezemvelo emiphakathini yasemadolobheni e-Ethiopia, eRwanda kanye naseNingizimu Afrika.
I-SUNCASA izohlomulisa abantu abayizidingi ezingu-2,2 abahlala ezindaweni ezisengozini yokuhlaselwa yizikhukhula eDire Dawa (e-Ethiopia), eKigali (eRwanda) naseJohannesburg (eNingizimu Afrika). Ixhaswe yi-Global Affairs Canada ngohlelo lwe-Partnering for Climate futhi ilethwe yi-IISD kanye ne-World Resources Institute, i-SUNCASA izosebenza ngokubambisana nezinhlangano eziningi zasezindaweni.
Lo msebenzi we-NbS ohlanganisa abantu bobulili obahlukahlukene uhlanganisa ukuvuselela kanye nokulondolozwa kwezindawo eziphakeme lapho imifula iqala khona ngohlelo lokutshala izihlahla, ukutshalwa kabusha kwamahlathi, ukuvuselelwa kwamahlathi, ukwakhiwa kwama-buffer zone, kanye nokutshalwa kwezihlahla emadolobheni.
IZINDAWO LO MSEBENZI OWENZELWA KUZO
eDire Dawa
I-SUNCASA izovuselela indawo okuhamba kuyo umfula i-Dechatu e-Dire Dawa, e-Ethiopia, okuzonciphisa ingozi yezikhukhula, ukuguguleka komhlabathi kanye nokuntuleka kwamanzi emadolobheni, kuhlomule abantu abangaphezu kuka-200,000.
eKigali
EKigali, eRwanda, i-SUNCASA izovuselela izindawo ezingamaxhaphozi ezindaweni ezisezansi noMfula iNyabarongo, inciphise ingozi yezikhukhula, ukudilika komhlabathi nokuguguleka kwenhlabathi, ithuthukise izimpilo zabantu abangu-975,000.
eJohannesburg
I-SUNCASA eJohannesburg, eNingizimu Afrika, izovuselela ukugelezela kwamanzi eMfuleni iJukskei ngokususa izinhlobo zezimila ezingezona ezendabuko kule ndawo nangezinhlelo zokutshala izihlahla, okuzonciphisa izikhukhula futhi kuqinisekise ukuthi abantu abayizigidi ezingu-1,045 bazolokhu benawo amanzi.
IZINDABA NEZINHLELO
How Sub-Saharan African Cities Are Building Climate Resilience Through Nature-Based Solutions
By combining community engagement and multistakeholder governance, nature-based solutions already enhancing communities’ resilience to climate change.
Gender Equality in Action: Childcare program enables mothers to work on nature-based solutions in Kigali
SUNCASA partners from AVEGA Agahozo have established a childcare program for children aged 9 to 35 months at tree nurseries to support women by providing care while parents work.
A Sustainable Asset Valuation Assessment of Nature-Based Solutions in the Jukskei River Catchment in Johannesburg, South Africa
This report assesses how nature-based solutions in the Jukskei River catchment reduce water pollution, flood damage, and health costs.
A Sustainable Asset Valuation Assessment of Nature-Based Solutions in Kigali, Rwanda
This report assesses how nature-based solutions can reduce flood risks, improve health, and deliver economic benefits for nearly 1 million residents in Kigali, Rwanda.
A Sustainable Asset Valuation Assessment of Nature-Based Solutions in the Dechatu River Catchment in Dire Dawa, Ethiopia
This report assesses how nature-based solutions can strengthen climate resilience, protect public health, and support livelihoods in Dire Dawa, Ethiopia.
How Biophysical Monitoring Turns Data into Action for Nature-Based Solutions
Rigorous and consistent data analysis provides the feedback needed to refine strategies, attract investment, and strengthen natural infrastructure that delivers multiple social, environmental, and economic benefits.